
Abanye bashonile, abanye basinda ngokulambisa kuhlasele izikhukhula ezishiye kukhalwa emijondolo
Babonga ukuthi basaphila, yize ukushona kwabasondelene nabo nomkakhelwane, nobuhlungu ababhekane nabo besinda ngokulambisa bebhekene ngqo nokufa kubashiye nezilonda, kodwa manje izakhamizi ezihlwempu zaseThekwini kumele ziqhubeke ngemuva kwezikhukhula ezimoshe kakhulu.